IMIYALELO: 1. Umsebenzi owubhala la makube owakho. Awu…

IMIYALELO: 1. Umsebenzi owubhala la makube owakho. Awuvunyelwe ukusebenzisa umsebenzi womunye umuntu.  2. Iphepha lineziqephu ezimbili:  ISIQEPHU A: I-eseyi (30)  ISIQEPHU B: Umbhalo omude odlulisa umyalezo (10)  3. Phendula umbuzo owodwa esiqeshini ngasinye.  4. Bhala ngesiZulu.  5. Hlela umsebenzi wakho (uhlaka) ngamaphuzu noma ngebalazwe (mind map), ulungise amaphutha bese uyawufundisisa. Uhlelo/Uhlaka malwandulele umbhalo ngamunye.  6. Ukuhlela makukhonjiswe ngokubhala igama elithi uhlelo/uhlaka bese kuyethulwa. Kuyancomeka ukuba kudwetshwe umugqa phezu kwemisebenzi yonke yokuhlela.  7. Uyayalwa ukuba usebenzise isikhathi sokubhala ngale ndlela elandelayo:  ISIQEPHU A: Amaminithi angama-50   ISIQEPHU B: Amaminithi angama- 40 8. Nikeza impendulo ngayinye isihloko esifanele.  9. Kukhona enye i-file upload nenye i-eseyi answer box ekugcineni kwephepha uma kukhona eshodayo ungabhala kuyona noma ufake kuyo umsebenzi.

ISIQEPHU C: UKUFINGQA UMBUZO 3 TEXT D Fundisisa lesi siqesha…

ISIQEPHU C: UKUFINGQA UMBUZO 3 TEXT D Fundisisa lesi siqeshana esingezansi bese usifingqa ngamaphuzu ayi-7. IMIYALELO: 1.    Bhala ngemisho ephelele. Amagama angama-50 kuya kwangama-60. 2.    Imisho yakho mayibe nezinombolo kusukela kweyoku-1 kuya kweye-7. 3.    Bhala iphuzu elilodwa emshweni ngamunye. 4.    Ekugcineni kwamaphuzu wonke owabhalile, bhala inani lamagama owasebenzisile.   TEXT D   ISIKHIYE ESIVULA YONKE IMINYANGO. 1 Imfundo isikhali sokuhlahla endlela ebukeka ingelula kodwa ihambeke.Imfundo uma vula kuvaliwe.Imfundo Ilona kusasa elizoqhakazisa impilo yakho ingabe isafana nakuqala.Imfundo ithulizi lazo zonke izimpi emhlabeni jikelele.Mfunda nawe. 2 Cha bakwethu iqiniso lilihle nje isikole asilulanga kodwa kubiza umuntu ngamunye ukuthi ame isibindi abekezele ngoba ukuze uphumelele empilweni kumele usebenze kanzima.Kulo mhlaba obhubhayo sidinga ukuqinisa kakhulu emfundweni ngoba siyabona izwe esiphila kulo selaphila ngezindlela ezisheshayo bathi lena yemfundo indlela iyathathela. 3  Ngiyayiqakambisa imfundo yesimanje ngoba isibhekelela lonke uhlobo lomuntu.Ngalokhu ngichaza ukuthi uma unguntwana othanda ukupheka noma ophiwe ngase kuphekeni izikole sezafaka izifundo zokupheka.Uma ungumfundi othanda ezemidlalo usungawafeza amaphupho akho okuba ngumdlali oqavile kanjalo uma ungumuntu ophiwe ngase kudwebeni ezikoleni sezikhona izifundo zabadwebayo.Funda mntwana ekhaya balinde wena uzosuka ikati eziko.khohlwa abangani, khohlwa omakhelwane, khohlwa okwasemhlabeni.   RIGHT CLICK ON THE BUTTON BELOW TO OPEN TEXT D IN A NEW TAB