TEXT A USUKU OLWAGUQULA IMPILO YAMI 1 Impi…
TEXT A USUKU OLWAGUQULA IMPILO YAMI 1 Impilo iyamangalisa. Mina ngangingazi ukuthi nami ngingalisusa ikati eziko ngenxa yesimo sempilo yase khaya. Ngibingelele. Kafushane nje ngizonixoxela ngemuva laphi lapho ngemvelaphi yami nginilandise ngize ngifike la engikhona manje. Mpilo uyisimangaliso mina ngiyavuma. Ngikubonile kweyami impilo. NginguThembalethu Ndlovu. 2 Ngineminyaka engamashumi amabili (20). Ngiqhamuka endaweni ibizwa ngeThuthukani eMgungundlovu. Ekhaya siwumndeni wamalunga ayishumi. Ekhaya ngihlala nogogo odume ngelika MaMkhize, kube umkhulu odume ngeliGuduza, kube ngumama uThandiwe bese kuba abantwana abayisikhombisa (7). Isimo sempilo ekhaya asisihle kahle. Ekhaya siphila ngempesheni yesalukazi kanye nekhehla. Ekhaya sidla kanye ngosuku ngoba songela ukuthi kuze kufike lolo suku ugogo nomkhulu bahole. 3 Esikoleni akuhambi kahle ezinganeni kanti ozakwethu abathathu beseze basiyeka isikole. Mina nginesipho sokudlala ibhola lombhoxo, (Rugby) kuthe ngelinye ilanga esikoleni savakashelwa umdlali weqembu lamabhokobhoko. USakhile odlalela amabhokobhoko wasithatha saba bathathu ukuba siyoqeqeshwa ukudlalela iqembu lakhe alithuthukisayo kwinhlolokhono (Sakhile’s Academy) yakhe. Mina ngibe umdlali wekhethelo ukuba ngithathwe ngokuphelele ukuba ngidlalele leli qembu kanti njalo ekupheleni kwenyanga ngizothola amarandi ayi- 1000 noma ayinkulungwane ngajabula kakhulu ngoba lolusuku lwayishintsha impilo yami kanye nomndeni wami. Right click on the button below to open TEXT A in a new page.