ISIQEPHU A: ISIFUNDO SOKUQONDISISA (Section A: Reading Compr…

ISIQEPHU A: ISIFUNDO SOKUQONDISISA (Section A: Reading Comprehension) UMBUZO 1: (Question 1) Fundisisa lesi siqephu esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela. (Read the following text and answer questions).   TEXT A   Isilwane Sami Ngumngane Wami Omkhulu. 1 Izilwane zibalulekile kakhulu emhlabeni. Izilwane zidlala indima enkulu ezimpilweni zethu. Kule ndaba nizozwa ngesilwane sami esingu mngane wami omkhulu. Izilwane zidinga uthando lwethu kanye noku nakekelwa ithina zikhathi zonke. 2 Isilwane sami igama laso nguMpendulo. Isilwane sami ngunogwaja (Rabbit). Ngingumntana othulayo kakhulu. Nasekhaya bayazi ukuthi ngithula ngale Ndlela exakile. Abazali bami sebakhuluma nami kaningi kodwa lutho ukuqhamuka isisombululo. Esikoleni anginabo abangani kanti futhi akekho umntwana othanda mina. 3 Ekukhuleni kwami bengihlukunyezwa izingane esikoleni. Ngisaba ukutshela othisha esikoleni. Ngisaba nokutshela umndeni wami. Kwathi ngelinye ilanga izingane zathatha ukudla kwami kwasemini zakudla bese zangivalela endlini encane esikoleni (Toilets). Kwashaya isikhathi sokuphuma kwesikole akekho owabona ukuthi ngilahlekile, kwahla abazali bami bafika esikoleni bafika wonke umuntu esehambile bashayela uthishanhloko ucingo ukuthi bezongibheka eskoleni. 4 Abazali bami kanye nothishanhloko bangifuna isikole sonke baze bangithola endlini encane sengilele. Emva kwalesi sigameko umama nobaba bangithengela isilwane sami engidlala naso ngidle naso ngixoxe naso kanti sangisiza nokuthi ngikwazi nokwenza abangane esikoleni sami esisha. Ngiyamthanda uMpendulo wami, unogwaja wami.   Right click on the button below to open  TEXT A in a new page.