UMBUZO 5: Fundisisa lesi siqeshana esingezansi bese uphe…
UMBUZO 5: Fundisisa lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela. TEXT F UKUPHUMELELA Isikhathi esiningi abantu abangaphumeleli bahlala benezizathu zokungaphumeleli kwabo. Basola abanye, bakhale ngemvelaphi yabo, isimo emphakathini, imithetho kaHulumeni nokungafundi. Ophumelelayo uzitshela ukuthi noma zikhona lezi zinto ezibalwe ngenhla kodwa uzophumelela. Umuntu ofisa/ofuna impumelelo uyazi ukuthi izinkinga ngeke zingabi khona kodwa akazivumeli ukuthi zime endleleni yakhe yokuphumelela. Akalindi ukukhuthazwa abanye ukuze aphumelelise iphupho lakhe. Akasoli muntu ngobunzima azithola ekubona ngenxa yokufuna ukufeza iphupho lakhe. Uyazi ukuthi nguyena okufanele asebenze kanzima ukuze amaphupho akhe aphumelele. Umuntu ofuna impumelelo kumele adele okuthile, njengokuzijabulisa, ukuchitha isikhathi nabangani, nobuthongo imbala kanye nomndeni wakhe. Impumelelo akuyona eyabo bonke abantu, kodwa ngeyabantu abanomqondo ohlakaniphile. RIGHT CLICK ON THE BUTTON BELOW TO OPEN TEXT C IN A NEW TAB